I-NPI yisizinda somphakathi, esithathwa njengesekela lo Mnyango Wezabasebenzi, ngokwenhloso Yokulawulwa Kwezezimali Kuzwelonke.
Ukuba ngumpetha ongadikibali wokuthuthukiswa kwamazinga ezokhiqizo aphelele, anezindlela ezintsha futhi asimeme ukuze "kuzuze wonke umuntu ngokulingana ngendlela efanelekile ngokomphakathi".
Isizinda sikaZwelonke Sezokhiqizo singumkhandlu onxantathu ozinikele ekuthuthukiseni nokugqamisa izinga lezokhiqizo lase Ningizimu Afrika ngokucacisa umoya wobunxantathu ngokocwaningo, ukusabalalisa ulwazi, uqeqesho, ukugqugquzela, ukuxhumana, ukuhlolwa kwamabhuku nokulawula kuzo zonke izindaba zezokhiqizo kanye nenselela yokukhuphula izinga lempilo yabo bonke base Ningizimu Afrika.
Bheka kwi webhu ye- NPI ukuthola eminye imininingwane ngemisebenzi ye- NPI, ikakhulukazi ngamaqhinga ezinhlelo zayo.
I -NPI seyakhe amaqhinga amahlanu ezinhlelo ukuze ibhekane nezinto ezisemqoka, amaqhinga kanye nezenzo. UmPhathi woHlelo wengamele uhlelo ngalunye.
UMthetho Wokuphakamisa Ukufinyeleleka Kolwazi, Umthetho- 2 ka -2000 (Osuzobizwa "Ngo Mthetho" ngemuva kwalokhu) kuhloswe ukuthi unike ukusetshenziswa kwelungelo lomthethosisekelo lokufinyelela kunoma yiluphi ulwazi oluphethwe ngu Mbuso kanye nanoma yiluphi ulwazi oluphethwe ngomunye umuntu oludingekela ukusebenzisa noma ukuvikela noma yimaphi amalungelo, kanye nokuhlinzekela udaba oluphathelene nalokhu.
Ikhomishani Yezamalungelo Abantu eNingizimu Afrika kudingeka ukuthi ngokwesigaba- 10 soMthetho ikhiphe isiqondisi esiqukethe leyomininingwane engase idingwe yinoma imuphi umuntu (osezobizwa "ngofakisicelo" ngemuva kwalokhu) ukuze ofakisicelo athole ulwazi oluphethwe ngu Mbuso kanye/noma ngomunye umuntu, lapho lolwazi ludingekela ukusebenzisa noma ukuvikela noma yimaphi amalungelo omfaki sicelo.
I-NPI, uma kunesidingo, iyobuyekeza bese ikhipha izichibiyelo zalencwadi yokuchasisisa lapho noma uma kufanelekile, ngeziwombe ezingeqile onyakeni owodwa.
Akukho ncazelo yalabo i- NPI enolwazi ngabo noma amarekhodi yemibhalo eqoshiwe etholakalayo ngalabo ukuze isakazwe.
Ngokwalo Mthetho, Umfaki sicelo kumele avunyelwe ukufinyelela kumbhalo oqoshiwe wethimba lomphakathi uma umfaki sicelo ethobela zonke izidingongqangi zenqubo yoMthetho eziphathelene nokucela ukufinyelela kulowo mbhalo oqoshiwe, uma kungukuthi lowombhalo oqoshiwe akwenqatshwanga nawo ngokwanoma yikuphi ukwenqaba okubalulwe kulo Mthetho.
Isicelo sokufinyelela kumbhalo oqoshiwe njengoba kukhonjwe ku Mthetho kumele sibe nobudlelwane obukhulu nefomu A yeselulo B senqubomgomo -187 yomhlaka -15 kuFebruwari we- 2002, esishicilelo sayo siyatholakala kwi webhusayidi ye -NPI, noma kumphathi wehhovisi lemininingwane le -NPI nakunoma yiliphi isekela lomphathi wehhovisi lemininingwane.
Uma umfaki sicelo engakwazi ukufunda nokubhala, noma enanoma yikuphi ukukhubazeka okumvimbela ukuthi asebenzise amalungelo akhe abalulwe ngenhla, isicelo sokufinyelela kumbhalo oqoshiwe singafakwa ngomlomo kumphathi wehhovisi lemininingwane kanye/noma kunoma yiliphi isekela lomphathi wehhovisi lemininingwane.
Uphiko Loxhumano lwe- NPI yilona oludlala indima enqala yokuhlola izenzo zokhiqizo kwimikhakha yezezimboni, yezohwebo kanye neyomphakathi kanye nezinhlangano ezizinze emphakathini, bese yeluleka ngokuthi lokhu kungasetshenzisisiswa kanjani. Iqembu loxhumano le- NPI linikezela ngolwazi olunzulu kanye nobungoti obahlukahlukene elibuthola ngokwenza imisebenzi eminingi yezokhiqizo ezimakethe zangaphakathi ezweni nezangaphandle kwezwe minyaka yonke. Uhlelo lubhekisa izinsizakalo zalo ngezindawo ezine, eziyilezi, Inkundla Yokuhlola, Izinqubo Zokufunda, Ulawulo Lwezokumaketha kanye Nolawulo Lwezokusebenza. Eminye imininingwane emayelana nalezinsizakalo ingatholakala kwiwebhu ye -NPI, noma kuMphathi wehhovisi lemininingwane kanye/noma kunoma yiliphi isekela lomphathi wehhovisi lemininingwane.
Ngokungafani namanye amathimba omphakathi, i -NPI ayinayo inqubo yangaphakathi yokufaka izikhalo. Lapho umfaki sicelo ekholelwa ukuthi i -NPI ayiyinakanga okanye/noma yehlulekile ukuthobela imigomo yayo ngoko Mthetho, udaba kuyomela kubhekwane nalo yilawo maqembu athintekayo, uma kungavunyelwana, noma yiliphi iqembu lingathintana nanoma iyiphi inkantolo eyengamele leyondawo.
